"ayakuyikhetha"
21 occurrences in ZUL
Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo , leyo ndlu yakhe niyakuyifuna , nize kuyo,
kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho : iminikelo yenu yokushiswa , nemihlatshelo yenu , nokweshumi kwenu , nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu , nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;
kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho , uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa , wenze khona konke engikuyala ngakho.
kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho , wena nendodana yakho , nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.
Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe , uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova , njengalokho ngakuyala , udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.
ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo , okweshumi kwamabele akho , nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho , nokwawezimvu zakho , ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.
Uma indlela ikude nawe , ungenamandla okukuthwala , ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa,
uyakukwenana ngemali , uyisonge imali esandleni sa kho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.
Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.
kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo , lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.
Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho.
wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
Izinsuku eziyisikh ombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
Uma kuvela indaba ekwahlulayo , ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi , naphakathi kwecala necala , naphakathi kokushaya nokushaya , kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho , wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova , uqaphele ukwenza nj engakho konke abakufundisa khona;
Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa -Israyeli wonke , lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,