U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.