Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ng ezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.
Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi : Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha wawakhuza , kawavumelanga ukuba akhulume , ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.