uMose wayesema esangweni lekamu , wathi: AbakaJehova mabeze kimi . Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye.
UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa -Efrayimi, wathi: Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani. Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.
Ayesebuthana lawo madoda , amfumana uDaniyeli ekhuleka , enxusa kuNkulunkulu wakhe.
Ayesebuthana lawo madoda enkosini , athi enkosini: Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.