UJeremiya wayesethatha omunye umqulu , wawunika uBaruki umbhali , indodana kaNeri ya, owaloba kuwo , ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo ; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.