Skip to Content

"ayigugu"

8 occurrences in ZUL

Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.

Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e -Ofiri yathutha futhi e - Ofiri imi-alimugi namatshe ayigugu.

Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami nga mandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu nawokufakwa , namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo , nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu , namatshe amhlophe amaningi.

Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe ; igolide laliyigolide laseParivayimi.

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu , namatshe ayigugu ; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e -Ofiri zaletha imi-alimugi namatshe ayigugu.