UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema ; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu , yababeka endlini yokulindela , yabapha uk udla, kepha ayingenanga kubo . Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.
Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu , nezikhulu zenu , nabantu bezwe , uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?
Ngase ngithi : O Nkosi Jehova , bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kub e manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo , nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.