Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: Uvelaphi, Gehazi? Wathi: Inceku yakho ayiyanga ndawo.
Wayesethi: Ayiyanga yini inhliziyo yami , lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?