Kwafunyaniswa emadodaneni ka -Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka -Itamari; bahlukaniswa kanje : emadodaneni ka - Eleyazare kwaku khona abayishumi nesithupha abayiz inhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka -Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.
Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.