Kepha uRahabi isifebe , nabendlu kayise , nabo bonke anabo , uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla , lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.
Amnquma ikhanda , athatha izikhali zakhe , azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.