Skip to Content

"babantwana"

29 occurrences in ZUL

Yathi kubantu bayo : Bhekani, abantu babantwana bakwa -Israyeli baningi , futhi banamandla kunathi;

ogcinela abayizinkulungwane umusa , othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala , ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.

u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo , avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa -Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke , akubeke enhloko yempongo , ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,

Bonke ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,

bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu , izikhulu zenhlangano , amanxusa ebandla , amadoda adumileyo;

Yilabo ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase , abemindeni yamadodana kaJosefa , zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,

Kepha xwaya , ugcine kahle umphefumulo wakho , funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho , zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:

Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana , nanxa senihlale isikhathi eside ezweni , none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento e thile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho , nimthukuthelise,

Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa - Israyeli, amphathe njengesigqila , noma athengise ngaye , lelo sela liyakufa , ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.

Wathuma wabiza uB araki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali , wathi kuye : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli akayalanga yini ngokuthi : Hamba usondele entabeni yaseThabori , uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?

Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova , babakhonza oBali , no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base -Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni , nawonkulunkulu bakwaMowabi , nawonkulunkulu babantwana bakwa -Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti , bamshiya uJehova, kabamkhonza.

Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli nezinhloko zezizwe , izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli enko sini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

Zesaba-ke lezo zizwe uJehova , kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo ; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.

Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa , uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa -Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.

Kwathi u -Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa -Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe , wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.

abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe : yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;

AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;

abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe : yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;

AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.

Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla , kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka - Eliyashibi.

UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe , nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.

Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

Uyakubona abantwana babantwana bakho . Ukuthula makube phezu kuka - Israyeli.

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa , kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

Abantwana babantwana bangumqhele wabadala , nodumo lwabantwana lungoyise.

Ngalokho ngiyakuphikisana nani , usho uJehova, ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.