Wabulala abantu baseBeti Shemeshi , ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu ; abantu balila , ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.