Skip to Content

"babezizwe"

23 occurrences in ZUL

Ngokuba ushiyile abantu bakho , indlu kaJakobe , lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti , bexhawulana nabantwana babezizwe.

UJehova wathi kuMose : Bheka, wolala koyihlo ; laba bantu bayak usuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo , bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.

Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe , bamthukuthelisa ngezinengiso.

Uma nimshiya uJehova , nikhonze onkulunkulu babezizwe , uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.

Wathi: Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu , nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo , bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.

Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe , kepha uJehova walenza izulu.

Anazi yini ukuthi mina nawobaba senzeni kubo bonke abezizwe na ? Onkulunkulu babezizwe babe namandla yini nakanjani okophula izwe labo esandleni sami na?

Wayelobe nencwadi yokumhlambalaza uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, wakhuluma okuphambene naye, wathi: Njengalokho onkulunkulu babezizwe bengabophulanga abantu babo esandleni sami , kanjalo uNkulunkulu kaHezekiya akayikubophula abantu bakhe esandleni sami.

Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova , nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema , wakulahla ngaphandle komuzi.

UShekaniya, indodana ka Jehiyeli, enye yamadodana ka -Elamu, wathatha wathi ku -Ezra: Siphambukile kuNkulunkulu wethu , sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo : Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.

Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo , nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.

Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.

Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.

Bonke labo babethathe abesifazane babezizwe ; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.

Akonanga ngalokho uSol omoni inkosi yakwa -Israyeli na ? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye ; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe ; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.

Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe , kepha uJehova walenza izulu.

Kuyakuthi lapho nisho nithi: UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lok hu na ? usho kubo ukuthi : Njengalokho ningishiyile , nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini , kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.

Kukhona yini phakathi kwawonkulunkul u babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.