Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti , iNkosi, uthi: Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala , nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: Maye, maye! babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;
Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo , ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.