UNkulunkulu wathi kuBileyamu : Awuyikuhamba nawo ; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.
Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.
Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela
Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe , owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.
Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,
Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.
babusisiwe abantu abanjalo ; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.
Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo , nababambelela kukh o babusisiwe.
Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe , babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
Ngalokho uJehova uyakulindel a ukuba abe nomusa kini ; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo. Isithembiso sikaNkulunkulu
Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo ; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.
Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.
Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo , ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
Babusisiwe abalamulayo , ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga , ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Kepha yena wathi : Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abaliz wa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze. Abafuna izibonakaliso (Math. 12:38; 16:1; Mark. 8:11)
UJesu wathi kuye : Ngokuba ungibonile , ukholiwe na ? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.
Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe;
Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu. Ukufunga
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna
Yayisithi kimi : Loba ukuthi : Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yayisithi kimi: Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.
Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilu ngelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.