Skip to Content

"babuyele"

17 occurrences in ZUL

Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe , uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti , noma kwakuyiyona eseduze ; ngokuba uNkulunkulu wathi: Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.

Yisho kwabakwa -Israyeli ukuba babuyele emuva , bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti , ngaphakathi kweMigidoli nolwandle , phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.

Hawu, sizwe esonayo , bantu abasindwe ngububi , nzalo yababi , bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.

UDavide wavuka ekuseni , yena nabantu bakhe , ukuba bahambe ekuseni , babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.

Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo , kuRehobowamu inkosi yakwaJuda , bangibulale mina , babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.

Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema , uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.

Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo , babuyele kuleli zwe , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe , akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.

benqaba ukulalela , abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo , kepha benza lukhuni izi ntamo zabo , nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo ; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo , onomusa nesihe ; wephuza u kuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.

Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze : indlu ka -Israyeli nendlu k aJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.

Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu.

Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele ; bheka, bayakuthi: Abahlobo bakho abakhulu bakududile , bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakh e zishone exhaphozini, babuyele emuva.

Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo ; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.

Ngikuboneleni na ? Baphelile amandla , babuyele emuva . Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva ; luvalo nxazonke, usho uJehova.

Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.

Ngasemuva abantwana bakwa -Israyeli bayakubuya , bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo , babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.

Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.

Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba , bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo , abahambele ngezono zabo , babuyele eGibithe.