Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.
UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe. Wayesebanga, badazuluka, bakhala.
Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala , kepha uRuthe wanamathela kuye.
Izithunywa zafika eGibeya likaSawule , zakhuluma lawo mazwi ezindlebe ni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.
Lapho bephakamisa amehlo abo besekude , abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe , bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.
badazuluka bebona umusi wokusha kwalo , bethi: Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?
Base bethela uthuli emakhanda abo , badazuluka bekhala , belila bethi : Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho , ngokuba ngehora linye nje uchithekile!