"badle"
53 occurrences in ZUL
UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
Bahlala phansi ukuba badle isinkwa ; baphakamisa amehlo abo , babona; bheka, kwafika ihele labakwa -Ishmayeli livela kwaGileyadi , linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu nemure, likwewusela eGibithe.
Kepha futhi ukuba abantu bonke badle , baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle ; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle ; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa ; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
Bavuka ekuseni ngakusasa , banikela ngeminikelo yokushis wa, baletha iminikelo yokuthula ; abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze; bavuka ukuyodlala. Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose
Wayesethi uMose : Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi : Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.
nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho , bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.
Lapho u qedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi , usumnike uLevi khona , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,
Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela o yise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.
Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.
Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.
ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.
nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle , ngokuba bathi : Abantu balambile , bakhathele, bomile ehlane.
Base bethululela abantu ukuba badle . Kwathi besadla lokho kudla , bakhala bathi: We muntu k aNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini . Babengasenakudla.
Kepha wathi : Lethani impuphu . Wayiphonsa ekhanzini , wathi: Thululela abantu ukuba badle. Kwakungasekho okubi ekhanzini. U-Elisha usuthisa abantu abayikhulu
Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNk ulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: Banike abantu ukuba badle.
Kepha isikhonzi sakhe sathi : Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na ? Wathi: Banike ukuba badle , ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bayakudla, kusale.
Kepha wathi : Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na ? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.
Kepha uRabi Shake wathi kubo : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo , baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?
Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo
Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nokuhle kwalo, bheka, siyizinceku kulo.
Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo ; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.
Lungiselani abantwana bakhe ukubulaw a ngobubi bawoyise , ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.
Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova ; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.
Kepha uRabi Shake wathi : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?
Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa , ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza ; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabant u sokubuyisa izw e nokubenza badle amafa achithekileyo,
Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke , badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami , umsebenzi wezandla zami , ukuba ngidunyiswe.
abahlala emathuneni , balale ezindaweni ezisithekileyo , badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,
Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho , badle amadodana akho namadodakazi akho , badle izimvu zakho nezinkomo z akho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho , bachithe ngenkemba imizi yakh o ebiyelweyo othemba kuyo.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane , baphuze amanzi enyongo.
Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.
Ngalokho u sho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.
Wathi futhi kimi : Ndodana yomuntu , bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba , baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala
Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho , abantwana badle oyise , ngenze izahlulelo phakathi kwakho , ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.
bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
ukuze badle ifa lensali yakwa -Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami, usho uJehova okwenza lokhu.
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa -Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa -Efrayimi nezwe laseSamariya , uBenjamini adle iGileyadi.
UJehova Sebawoti uyakubavikela , badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini , bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
Wayesephendula, ethi kubo : Bapheni nina ukudla . Bathi kuye : Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu abangamakhulu amabili , sibaphe badle na?
Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?
Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi : Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.
Kwathi sekuzakusa , uPawulu wabancenga bonke ukuba badle , wathi: Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.
Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo , njengokulotshiweyo ukuthi : Abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze, basukuma ukuba badlale.