UMose wehla entabeni , wabuyela kubantu , wabangcwelisa abantu ; bahlanza-ke izingubo zabo.
Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni ; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi : Laba yibo abaphuma osizini olukhulu , bahlanza izingubo zabo , bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.