IJerusalema liyakhumbula ezinsukwin i zokuhlupheka kwalo nezinsizi zal o konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo ; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha , kungekho olisizayo , abamelene nalo balibona , bahleka ukuchithwa kwalo.
Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo , abanye bahleka usulu , kepha abanye bathi: Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.