Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.
Bahlwanyele ukolweni , bavuna ameva , bakhandlekile bengasizakalanga ; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zen u ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.
Ngokuba bahlwanyele umoya , bayakuvuna isivunguvungu ; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.