Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo
abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna,
Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova ; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami ; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.
Ngokuba ngithe : Funa bajabule ngami , ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: Makadunyiswe uJehova.
Kuyakuthi abayizivi bekubona , bajabule; nina enifuna uNkulunkulu , inhliziyo yenu mayiphile.
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: Makabe mkhulu uNkulunkulu.
Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.