Maye kuwena Mowabi ! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi ; unikele amadodana akhe abe ngababaleki , namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.
Maye kuwena Mowabi ! Abantu bakaKemoshi baphelile , ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.