Skip to Content

"bakha"

23 occurrences in ZUL

Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ez weni laseShineyari; bakha khona.

UThera wathatha u -Abrama indodana yakhe , noLoti indodana kaHarana , indodana yendodana yakhe , noSarayi umalokazana wakhe , umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri,

Abantwana bakwaRubeni bab uye bakha iHeshiboni , ne-Elehale, neKiriyatayimi,

AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala , kepha abantwana bakwa -Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo , bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe , aphiwe lona nguJehova.

abantu abakhulu , abaningi, abade njengama -Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,

Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo ; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo , baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.

UJehova wamnika-ke u -Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise , balidla, bakha kulo.

sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo.

Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda , baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase - Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni , bakha khona i -altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.

Abantwana bakwaBenjamini benze njalo , bazithathela abafazi njeng enani labo kwabasinayo , ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo , bakha imizi, bahlala kuyo.

Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku , bathi khona : Sonile kuJehova . USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa. Ukwahlulwa kwamaFilisti

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.

Labo abathathu bafohla ikamu lamaF ilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni , bawathatha, bawaletha kuDavide ; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza , kodwa wawathululela uJehova , wathi:

Wathi kuJuda : Masakhe le mizi , siyihaqe ngogange , nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu , ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke. Base bakha- ke, baphumelela.

Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki , nabafowabo abapristi , noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , nabafowabo, bakha i -altare likaNkulunkulu ka -Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.

nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo , bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.

Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi wokuhlala.

bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomli lo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali , engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.

Kwathi ngesabatha wadabula amasimu ; abafundi bakhe bakha izikhwebu , badla bezihlikihla ngezandla.

Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti , babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;