Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema , wathi: Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema ! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu , niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.
Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani , ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka -Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.
Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori, usho uJehova, ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani , waceba amacebo ngani.