Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani ; bamdonsa uJosefa , bamkhuphula emgodini , bathengisa ngoJosefa kwabakwa -Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili ze siliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.
Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo , nazo zonke izimvu zabo , nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.