UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa -Israyeli; abantu balila kakhulu.
Wabulala abantu baseBeti Shemeshi , ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu ; abantu balila , ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.
Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule , noJonathani indodana yakhe , nabantu bakaJehova, nendlu ka -Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila.