Abadobi bayakukhala , balile, bonke abaphonsa udobo eNayile; nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa ; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.
Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti , iNkosi, uthi: Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala , nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: Maye, maye! babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;
Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile , unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.