"bamalevi"
17 occurrences in ZUL
U-Eleyazare indodana ka -Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.
Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu -Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu -Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise,
uye kubapristi bamaLevi , nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku , ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,
Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;
Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe.
Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise , wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona ; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.
UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u -Israyeli, bathi: Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.
Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.
Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.
Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku -Eleyazare umpristi , nakuJoshuwa indodana kaNuni , nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi , izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi ; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka- Israyeli endaweni engiyilungisele wona.
Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.
UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.