bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu , onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.
Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.
Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.