Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele , besaphuma ngaphambi kwempi , bathi: Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Mabamphakamise ebandleni labantu , bamdumise emhlanganweni wamalunga.
kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla , bamdumise uJehova , nabaliqoqileyo bayakuliphuza emagcekeni endlu yami engcwele.
abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe , njengalokho kulotshiwe ukuthi : Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe , ngihubele igama lakho;
Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu , kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho , kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.