Iminyaka eyishumi nambili bamkhonza uKedorlawomere, kepha ngomnyaka weshumi nantathu bahlubuka.
Bathi-ke: Inceku yakho ubaba isaphila , isekhona. Bamkhothamela, bamkhonza.
Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.
Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u -Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase -Aramu Naharayimi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.
Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u -Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo , bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.
Abakwa-Israyeli base besusa oBali no -Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa. Ukukhiwa kwamanzi eMispa
USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela , bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.