Hawu, sizwe esonayo , bantu abasindwe ngububi , nzalo yababi , bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.
O, themba lika -Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha ; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.