Skip to Content

"bangabantu"

17 occurrences in ZUL

UJehova wathi kuMose : Ngibabonile laba bantu ; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

Wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , iNkosi mayihambe iphakathi kwethu , ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni ; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.

Base belandisa abantwana bakwa -Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.

UJehova wabuye wakhuluma kimi , wathi: Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.

Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,

Wayesethi u-Eliya kubantu: Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.

Mabashaywe luvalo , Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje . Sela

Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane , ngaze ngathi: Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,

Lapho amagatsha awo esebunile , ayakwaphulwa, kufike abesifazan e, baphembe umlilo kuwo , ngokuba bangabantu abangenakuqonda ; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakh e uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.

Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo ; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni ; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: Buyisa.

Wathi: Nempela bangabantu bami , abantwana abangakhohlisi , waba ngumsindisi wabo.

Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona , balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo : Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.

Ake uzwe , Joshuwa, mpristi omkhulu , wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho , ngokuba bangabantu abayisibonakaliso : bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.

Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni , ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide ; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: Bangabantu bami; base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.

Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane , beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;