UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi : Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe , amaKhanani namaPherizi , lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.
Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo , kuRehobowamu inkosi yakwaJuda , bangibulale mina , babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.