Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi : Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.
Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile.
Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.