Bonke abangibonayo bayangiklolodela , baphukule imilomo , banikine amakhanda,
Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.
benze izwe labo libe yisimangalis o nento encimfelwayo njalo ; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.
Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe , bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?
Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile , owathi enhliziyweni yawo : Mina ngikhona , akakho omunye ; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane ! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa , banikine isandla sabo.