Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu , baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.
ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni , baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane , baphendukele kuNkulunkulu , ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.