"baphuze"
26 occurrences in ZUL
Kepha futhi ukuba abantu bonke badle , baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
Ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lasuka ehlane laseSini , bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe ; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo , abantu baphuze . Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.
Bavuka ekuseni ngakusasa , banikela ngeminikelo yokushis wa, baletha iminikelo yokuthula ; abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze; bavuka ukuyodlala. Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose
Bheka, abantu bavuk a njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.
Wayesebehlisela abantu ngasemanzini ; uJehova wathi kuGideyoni : Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa , kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.
Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu , kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
Kepha wathi : Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na ? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.
Kepha uRabi Shake wathi kubo : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo , baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?
Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo
Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo ; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.
Kepha uRabi Shake wathi : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane , baphuze amanzi enyongo.
Ngalokho u sho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.
Wathi futhi kimi : Ndodana yomuntu , bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba , baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala
uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa -Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba , baphuze amanzi abo n gokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa , laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva , uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nez ikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.
bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
Ngokuba njengal okho niphuzile entabeni yami engcwele , bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.