Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane , noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ukukhethwa kukaMathiya abe ngomunye wabaphostoli esikhundleni sikaJuda
Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli , nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,