Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.