Skip to Content

"bathumela"

12 occurrences in ZUL

Bathumela leyo ngubo enemikhono emide , bayiyisa kuyise , bathi: Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini , noma akusiyo na?

Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: Siyizinceku zakho , siyakwenza konke oyakusitshela khona ; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.

Bamenzela ugobe eJerusalema ; wabalekela eLakishi , kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.

Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema

oSanibalati noGeshemi bathumela kimi , bathi: Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono. Babehlose ukwenza okubi kimi.

Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.

Kwase kufika unina nabafowabo , bema ngaphandle , bathumela kuye bembiza.

Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.

Kwathi sebezwile , bangena ethempelini ekuthatheni kokusa , bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye , babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa -Israyeli, bathumela en dlini yeziboshwa ukuba balethwe.

Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;

Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.

Nabanye bababusi base -Asiya, bengabahlobo bakhe , bathumela kuye , bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela.