Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo
bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi : Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo , namagatsha omnqumo wasendle , namagatsha ombomvana , namagatsha esundu , namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.