Abantwana bakwa -Israyeli benza -ke njengalokho uJos huwa ebayalile , bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani , njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa , njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona.
Bonke abantu bagawula , kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo , bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo ; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi , kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.