Yizwa wena mhlaba ukuthi : Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo , ngokuba abaqaphelanga amazwi ami , nomthetho wami bawulahlile.
Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthe tho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe , namanga abo abadukisile , abawalandelayo nawoyise.