Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa -Israyeli, mina ngibabusise.
Lapho abapristi bengena , abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele ; bayakwembatha ezinye izingubo , basondele kulokhu okungokwabantu.
Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa , bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.
baphathe izinyoka ; uma bephuza okubulalayo , akusoze kwaba nangozi ; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.