Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo , bamuke nayo, kungekho oyophulayo.
Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suk u njengokuduma kolwandle ; uma umuntu ebuka umhlaba , bheka, naso isigayegaye sobumnyama , nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.