Kepha xwayani abantu , ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo.
Lapho-ke bayakunikhaphela osizini , banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
Kepha ziqapheleni nina . Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni; niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami , kube ngubufakazi kubo.