abapristi, amadodana kaLevi , bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze , babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;
Kepha abapristi bamaLevi , amadodana kaSadoki , ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa -Israyeli beduka kimi , bayakusondela kimi , bangikhonze, beme phambi kwami , banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;