Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa , nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana , nabakuphangayo bayakuphangwa , nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.
Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho , wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.